Umhlangano: Izicelo Eziphathelene Nomhlaba

Event Date:
Start at 9:00 AM
November 29, 2023
E-Mail
events@okhahlamba.gov.za
meetings@okhahlamba.gov.za
 
 
Isimemezelo Somphakathi
 
IKhomishana yokuBuyiselwa kwaMalungelo omhlaba ibambisene nomasipala oKhahlamba bamema wonke umphakathi owafaka izicelo zokubuyiselwa kwamalungelo omhlaba ngaphansi koMkhandlu Uthukela namaphethelo, emhlanganweni lapho bonke abafaka izicelo zokubuyiselwa kwamalungelo omhlaba kusukela ngewindi lokuqala elavala ngo-December 1998, kanye nalabo abafaka izicelo ngewindi lesibili (elaqala ngo-July 2014) bezochazelwa ngezicelo zabo ukuthi zikusiphi isigaba noma sezisetshenzwe kangakanani.
 
Umphakathi uzophinde uchazelwe mayelana nesinqumo senkantolo yoMthethosisekelo esakhishwa ukuba kumiswe ukufakwa kwezicelo ewindini lesibili ngo 28 July 2016. Uhlelo lomhlangano lumi kanje:
 
Usuku​: 29 November 2023
Indawo​: Woodford Community Hall
Isikhathi: 09:00
 
Mayelana nemininingwane egcwele ephathelene nalomhlangano ningathintana noMnuz. Ndoda Mdluli kulenombolo yocingo: 033 341 2600/071 8787881 noma uNksz Nokuthokoza Zulu ku 033 341 2600/ 083 2884401 ngesikhathi somsebenzi.